1. Duduzani, nibaduduze abantu bami,usho uNkulunkulu wenu.
2. Qungani iJerusalema isibindi,nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelilenokuthi buhlanguliwe ububi balo,ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyongazo zonke izono zalo.
3. Izwi liyamemeza lithi:“Lungisani ehlane indlela kaJehova,nihlelembe oqwathuleni umgwaqokaNkulunkulu wethu.
4. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa,zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa;amagebhugebhu ayakuhlelenjwa,nemigoxigoxi iyakuba yithafa.
5. Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa,yonke inyama ikubone kanyekanye,ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6. Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!”Ngathi: “Ngiyakumemezani na?”Inyama yonke ingutshani,bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.
7. Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani.
8. Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,kepha izwi likaNkulunkulu wethulimi kuze kube phakade.
9. Khuphukela entabeni ende,wena, Siyoni, obika okujabulisayo,uphakamise ngamandla izwi lakho,wena Jerusalema obika okujabulisayo,uliphakamise ungesabi,usho emizini yakwaJuda ukuthi:“Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”