1. Duduzani, nibaduduze abantu bami,usho uNkulunkulu wenu.
2. Qungani iJerusalema isibindi,nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelilenokuthi buhlanguliwe ububi balo,ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyongazo zonke izono zalo.
3. Izwi liyamemeza lithi:“Lungisani ehlane indlela kaJehova,nihlelembe oqwathuleni umgwaqokaNkulunkulu wethu.
4. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa,zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa;amagebhugebhu ayakuhlelenjwa,nemigoxigoxi iyakuba yithafa.