UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.