U-Isaya 39:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile.

2. UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.

3. Wayesefika u-Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?”Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.”

U-Isaya 39