U-Isaya 38:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Bheka,kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;wena wawuthanda umphefumulo wami,waze waphuma egodini lokubhujiswa,ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.

18. Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,nokufa akukudumisi;abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.

19. Abaphilayo,abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.

20. UJehova uyakungisindisa;ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambozonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.

21. U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”

22. Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”

U-Isaya 38