U-Isaya 38:10-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zamingiyakungena emasangweni endawo yabafileyo,ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”

11. Ngathi: “Angiyikumbona uJehova,uJehova ezweni labaphilayo;angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.

12. Idokodo lami lisishuliwe,lasuswa kimi njengetende lomalusi;ngisongile ukuphila kwami njengomaluki;uyanginquma esalukweni;kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

13. Ngakhala kwaze kwaba sekuseni;njengengonyama uyaphula onke amathambo ami;kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

14. Ngatshiyozisa okwenkonjane,ngaliliselisa okwejuba;amehlo ami aphela ngokubheka phezulu;Nkosi, ngiyacindezelwa;yiba yisibambiso sami.”

15. Ngingakhuluma ngithini na?Ukhulumile kimi, ukwenzile yena.Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyakangomunyu womphefumulo wami.

16. Nkosi, abantu baphila ngalokho,nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele;ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.

17. Bheka,kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;wena wawuthanda umphefumulo wami,waze waphuma egodini lokubhujiswa,ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.

18. Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,nokufa akukudumisi;abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.

19. Abaphilayo,abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.

20. UJehova uyakungisindisa;ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambozonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.

21. U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”

22. Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”

U-Isaya 38