28. “Kepha ukuhlala kwakho,nokuphuma kwakho,nokungena kwakho ngiyakwazi,nokubhovumula kwakho ngami.
29. Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,nangokuba ukuzidla kwakhokwenyukele ezindlebeni zami,ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akhonetomu lami emlonyeni wakho,ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.
30. “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:“Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,nangomnyaka wesibili isihlabane,nangomnyaka wesithathu hlwanyelani,nivune, nitshale izivini,nidle izithelo zazo.
31. Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyobayakubuye bagxile phansi,bathele izithelo phezulu.
32. Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insalinasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.
33. “Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:“Ayiyikungena kulo muzi,ayiyikucibishela mcibisholo khona;ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
34. Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo;ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.
35. “Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindisengenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”
36. Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
37. Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
38. Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.