U-Isaya 37:18-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,

19. alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

20. Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”

21. U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,

22. nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi:“Ikudelele, yakuhleka usulu intombi,indodakazi yaseSiyoni;ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

23. Weyise bani, wethuka bani, na?Uphakamisele bani izwi lakho,wabhekisa phezulu amehlo akho, na?NgoNgcwele ka-Israyeli!

24. Ngesandla sezinceku zakhouyijivazile iNkosi, wathi:‘Ngobuningi bezinqola zamingenyuke mina phezulu ezintabeningaphakathi kweLebanoni;ngigawula imisedari* yalo emidenemisayipuresi* yalo ekhethekileyongangena ekuphakameni kwalo kokugcinanasehlathini lalo eliminyeneyo.

25. Ngemba, ngaphuza amanzi;ngomisa ngamathe onyawo lwamiyonke imifula yaseGibithe.’

26. “Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na?Emihleni yasendulo ngakunquma;manje sengikulethileukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.

27. Abakhe kuyo babe namandla amancane,besaba, bajabha;baba njengotshani basendle,nembali notshani obuluhlaza,nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,namabele ahamukile engakakhuli.

28. “Kepha ukuhlala kwakho,nokuphuma kwakho,nokungena kwakho ngiyakwazi,nokubhovumula kwakho ngami.

29. Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,nangokuba ukuzidla kwakhokwenyukele ezindlebeni zami,ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akhonetomu lami emlonyeni wakho,ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

30. “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:“Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,nangomnyaka wesibili isihlabane,nangomnyaka wesithathu hlwanyelani,nivune, nitshale izivini,nidle izithelo zazo.

31. Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyobayakubuye bagxile phansi,bathele izithelo phezulu.

32. Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insalinasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.

33. “Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:“Ayiyikungena kulo muzi,ayiyikucibishela mcibisholo khona;ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.

34. Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo;ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.

U-Isaya 37