U-Isaya 37:13-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva na?”

14. UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.

15. UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi:

16. “Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.

17. Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

18. “Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,

19. alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

20. Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”

21. U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,

22. nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi:“Ikudelele, yakuhleka usulu intombi,indodakazi yaseSiyoni;ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

23. Weyise bani, wethuka bani, na?Uphakamisele bani izwi lakho,wabhekisa phezulu amehlo akho, na?NgoNgcwele ka-Israyeli!

24. Ngesandla sezinceku zakhouyijivazile iNkosi, wathi:‘Ngobuningi bezinqola zamingenyuke mina phezulu ezintabeningaphakathi kweLebanoni;ngigawula imisedari* yalo emidenemisayipuresi* yalo ekhethekileyongangena ekuphakameni kwalo kokugcinanasehlathini lalo eliminyeneyo.

25. Ngemba, ngaphuza amanzi;ngomisa ngamathe onyawo lwamiyonke imifula yaseGibithe.’

U-Isaya 37