U-Isaya 37:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.

2. Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

3. Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.

4. Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”

5. Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,

6. u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.

7. Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”

8. Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.

9. Kepha isizwile ngoTirahaka, inkosi yaseKushe, ukuthi: “Uphumile ukulwa nawe,” lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:

10. “Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

U-Isaya 37