U-Isaya 36:12-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kepha uRabi Shake wathi: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”

13. Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.

14. Isho kanje inkosi, ithi: Maningakhohliswa nguHezekiya, ngokuba akayikuba namandla okunophula;

15. futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.’

16. “Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,

17. ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini.

18. “Xwayani ukuba uHezekiya anganiyengi ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’ Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?

19. Baphi onkulunkulu baseHamati nase-Aripadi; baphi onkulunkulu baseSefarivayimi na? Balophulile iSamariya esandleni sami na?

20. Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu balawa mazwe abophule izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusalema esandleni sami na?”

21. Kepha bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi wathi: “Ningamphenduli.”

22. Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.

U-Isaya 36