U-Isaya 36:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi, inkosi yase-Asiriya, wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.

2. Inkosi yase-Asiriya yathuma uRabi Shake, asuke eLakishi, aye eJerusalema enkosini uHezekiya, enempi enkulu, wema ngasemseleni wechibi lasenhla, elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.

3. Kwase kuphumela kuye u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana.

4. Wathi kubo uRabi Shake: “Ake nisho kuHezekiya, nithi: ‘Isho kanje inkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya, ithi: Yithemba lini leli olethembayo na?

5. Wena uyakhuluma, kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile na?

6. Bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyangena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.

7. Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu,” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe akususile uHezekiya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare,” na?

U-Isaya 36