U-Isaya 34:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini;bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edominaphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

6. UJehova unenkemba; igcwele igazi,inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi,nangamanoni ezinso zezinqama,ngokuba uJehova uyanikela eBosira,unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.

7. Izinyathi ziwa kanye nazo,nezinkunzana kanye nezinkunzi;izwe labo liyakugcwala igazi,nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.

8. Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova;ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.

9. Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi,*uthuli lwakhona lube yisibabule,nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.

10. Aliyikucinywa ubusuku nemini;umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade;izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize,akuyikulidabula muntu nanini nanini.

U-Isaya 34