U-Isaya 34:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Sondelani nina zizwe, nizwe,nilalele nina bantu:makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo,nezwe nakho konke okuvela kulo.

2. Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke,ufuthekela yonke impi yazo;uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.

3. Ababuleweyo bazo balahliwe,nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo;izintaba zincibilika ngegazi labo.

4. Ibandla lonke lasezulwini liyaphela,izulu lisongwe njengomqulu;ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinininanjengokubunileyo emkhiwaneni.

5. Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini;bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edominaphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

6. UJehova unenkemba; igcwele igazi,inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi,nangamanoni ezinso zezinqama,ngokuba uJehova uyanikela eBosira,unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.

7. Izinyathi ziwa kanye nazo,nezinkunzana kanye nezinkunzi;izwe labo liyakugcwala igazi,nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.

8. Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova;ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.

9. Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi,*uthuli lwakhona lube yisibabule,nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.

10. Aliyikucinywa ubusuku nemini;umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade;izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize,akuyikulidabula muntu nanini nanini.

11. Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu,kwakhe kulo isikhova negwababa;uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo,nomthofu wokumisa wokuyize.

12. Phakathi kwabakhulu balo akakhooyakumemezela umbuso,nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.

13. Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi,izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo,libe yikhaya lamakhankanegceke lezintshe.

U-Isaya 34