5. UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu;uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.
6. Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho,ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi;ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.
7. Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle;izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.
8. Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile;isivumelwano saphuliwe;imizi ideleliwe;umuntu akanakekelewa.
9. Izwe liyalila, lidangele;iLebanoni linamahloni, liyabuna;iSharoni linjengehlane,iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.
10. “Sengiyakuvuka,” usho uJehova;“sengiyakuphakama;sengiyakuphakanyiswa.
11. Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo,nizale amabibi;ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo.
12. Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako,njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”
13. Yizwani nina enikude engikwenzileyo;nani eniseduze, vumani amandla ami.
14. Izoni zaseSiyoni ziyesaba,ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu.“Ngubani phakathi kwethuongahlala nomlilo oqothulayo;ngubani phakathi kwethuongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”