12. Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako,njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”
13. Yizwani nina enikude engikwenzileyo;nani eniseduze, vumani amandla ami.
14. Izoni zaseSiyoni ziyesaba,ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu.“Ngubani phakathi kwethuongahlala nomlilo oqothulayo;ngubani phakathi kwethuongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”
15. Yena ohamba ngokulunga,okhuluma ngobuqotho,odelela inzuzo yokucindezela,othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo,ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi,ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,
16. yena uyakuhlala ekuphakameni,izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe,aphiwe isinkwa sakhe,amanzi akhe athembeke.
17. Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo,ayakubona izwe elelulekele kude.
18. Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi:“Uphi umbhali, uphi olinganisile intela,uphi obalile imibhoshongo na?”
19. Awuyikubona abantu abanobudlova,abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa,nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.
20. Kepha bheka iSiyoni,umuzi wemikhosi yethu;amehlo akho mawabuke iJerusalema,indlu yokuthula, itende elingayikususwa,elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini,nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.
21. Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosiniesikhundleni semifula nemifudlana ebanzi,lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini,nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.
22. Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,uJehova ungumenzi wemithetho yethu,uJehova uyinkosi yethu;uyakusisindisa.
23. Izintambo zakho ziyaxega,azinakusiqinisa isiqu sensika yabo,azinakumeneka useyili;*khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo;nezinyonga ziyakuthatha impango.
24. Abakhe khona abayikusho ukuthi:“Ngiyagula,”abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.