8. Onesizotha uceba okuzothileyo,nangokuzotha kwakhe uyakuma.
9. Vukani nina besifazane abazinzileyo,nizwe izwi lami;nina madodakazi azethembayonibeke indlebe ekukhulumeni kwami.
10. Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwanina besifazane abazethembayo,ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela,nokubutha akuyikufika.
11. Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo,nihlupheke nina enizethembayo;khumulani nizenze nqunu,nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.