U-Isaya 32:2-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoyanesivikelo esivunguvungwininjengemifula yamanzi endaweni eyomileyo,njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.

3. Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka;izindlebe zabezwayo ziyakulalela.

4. Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda,ize ikwazi,nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.

5. Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile,nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.

6. Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula,nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi,yenze ukungamesabi uNkulunkulu,ikhulume okuphambene noNkulunkulu,yenze ukuba olambileyo abe nephango,nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.

7. Izikhali zomkhohlisi zimbi;uhlela amacebo amabi,ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga,nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.

8. Onesizotha uceba okuzothileyo,nangokuzotha kwakhe uyakuma.

9. Vukani nina besifazane abazinzileyo,nizwe izwi lami;nina madodakazi azethembayonibeke indlebe ekukhulumeni kwami.

10. Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwanina besifazane abazethembayo,ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela,nokubutha akuyikufika.

11. Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo,nihlupheke nina enizethembayo;khumulani nizenze nqunu,nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.

12. Zishayeni esifubeningenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.

U-Isaya 32