4. Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani,nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,
5. bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza,abangenansizakalo nanzuzo,kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”
6. Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu.Badabula izwe losizi nelokuhlupheka,lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi,ibululu nenyoka endizayo,bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolonengcebo yabo phezu kwamalunda amakamelabakuyise kubantu abangenansizakalo.
7. IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho;ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.
8. Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni,ukubhale encwadiniukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayokuze kube phakade.
9. Bangabantwana abahlubukileyo,abantwana abaqamba amanga,abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,
10. abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,”nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo,kepha khulumani kithina okuthophayo,niprofethe inkohliso;
11. phambukani endleleni,nichezuke emkhondweni,nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”
12. Ngalokho usho kanje oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“Njengokuba nilidelela leli zwi,nethemba kukho ukucindezela nakukho okuphambeneyo,nencike kukho,
13. ngalokho lobu bubibuyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa,kuvokomele ogangeni oluphakemeyo,ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
14. Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi,esichotshozwa singahawukelwa,kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephunodengezi lokuthatha umlilo eziko,nolokucakula amanzi emgodini.”
15. Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi:“Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula,amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba;kepha anithandanga.
16. Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ngalokho niyakubaleka:‘Sikhwele anejubane,’ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.