U-Isaya 30:21-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.

22. Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”

23. Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.

24. Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.

25. Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo.

26. Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.

27. Bheka, igama likaJehova livela kude,livutha ngolaka lwakhe,linzima ngamafu;izindebe zakhe zigcwele intukuthelo,nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;

28. ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo,uze ufinyelele entanyeni,ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa;itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.

29. Niyakuhlabelela njengasebusukulapho kugujwa umkhosi,nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingokuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

30. UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo,abonakalise ukwehla kwengalo yakhengokuvutha kolaka lwakhe,nangelangabi lomlilo oqothulayo,ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.

31. Ngokuba ngezwi likaJehova i-Asiriyaliyakushaywa luvalo,lapho elishaya ngenduku.

U-Isaya 30