U-Isaya 30:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi,esichotshozwa singahawukelwa,kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephunodengezi lokuthatha umlilo eziko,nolokucakula amanzi emgodini.”

15. Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi:“Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula,amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba;kepha anithandanga.

16. Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ngalokho niyakubaleka:‘Sikhwele anejubane,’ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.

17. Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa;ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka,nize nishiywe njengensika esiqongweni sentabananjengebhanela* phezu kwegquma.”

18. Ngalokho uJehova uyakulindelaukuba abe nomusa kini;nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;babusisiwe bonke abamhlalelayo.

19. Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.

20. Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho,

21. nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.

22. Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”

23. Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.

U-Isaya 30