U-Isaya 30:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova,“abenza iziluleko,kungengezami nokho,nabenza isivumelwano,kungengesomoya wami kodwa,ukuze bengeze isono esonweni,

2. abahamba ukuba behlele eGibithe,bengacelanga emlonyeni wami,baziqinise emandleni kaFaro,baphephele emthunzini waseGibithe!

3. Ngalokho amandla kaFaroayakuba ngamahloni kini,ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithekube ngukudumala kini.

4. Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani,nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,

5. bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza,abangenansizakalo nanzuzo,kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”

6. Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu.Badabula izwe losizi nelokuhlupheka,lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi,ibululu nenyoka endizayo,bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolonengcebo yabo phezu kwamalunda amakamelabakuyise kubantu abangenansizakalo.

7. IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho;ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.

8. Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni,ukubhale encwadiniukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayokuze kube phakade.

9. Bangabantwana abahlubukileyo,abantwana abaqamba amanga,abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,

U-Isaya 30