U-Isaya 3:5-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Abantu bayakucindezelana,kube yilowo nalowo,yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;abantwana bayakubhensela abadala,nabadelelekileyo abanodumo.

6. Lapho umuntu eyakubamba umfowaboendlini kayise ethi:“Wena unengubo,yiba ngumbusi wethu,le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”

7. ngalona lolo suku uyakudazuluka athi:“Angiyikuba ngumelaphi,ngokuba endlini yami akukho sinkwa,akukho ngubo;ningangibeki umbusi wabantu.”

U-Isaya 3