U-Isaya 3:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo,nezingane ziyakubabusa.

5. Abantu bayakucindezelana,kube yilowo nalowo,yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;abantwana bayakubhensela abadala,nabadelelekileyo abanodumo.

6. Lapho umuntu eyakubamba umfowaboendlini kayise ethi:“Wena unengubo,yiba ngumbusi wethu,le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”

7. ngalona lolo suku uyakudazuluka athi:“Angiyikuba ngumelaphi,ngokuba endlini yami akukho sinkwa,akukho ngubo;ningangibeki umbusi wabantu.”

8. Ngokuba iJerusalema likhubekile,noJuda uwile,lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehovaukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

9. Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo;benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli.Maye kuyo imiphefumulo yabo!Ngokuba bazenzele okubi.

U-Isaya 3