U-Isaya 3:2-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. amaqhawe namadoda empi,abahluleli nabaprofethi,ababhuli namalunga,

3. izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo,abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,nabanolwazi lokulumba.

4. Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo,nezingane ziyakubabusa.

5. Abantu bayakucindezelana,kube yilowo nalowo,yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;abantwana bayakubhensela abadala,nabadelelekileyo abanodumo.

6. Lapho umuntu eyakubamba umfowaboendlini kayise ethi:“Wena unengubo,yiba ngumbusi wethu,le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”

U-Isaya 3