U-Isaya 3:14-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJehova uyakungena ekwahluleleninamalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi:“Yinina eniqedile isivini,impango yabampofu isezindlini zenu.

15. Nichobozeleni abantu bami,nigaye ubuso babampofu, na?”isho iNkosi uJehova Sebawoti.

16. Wathi futhi uJehova:“Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa,ehamba elula izintamo,eqhikiza amehlo,ehamba ecokama ekuhambeni kwawo,ekhenceza ngezinyawo zawo,

17. ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandlaizinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni,uJehova awanqunise.”

18. Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,

19. neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,

20. nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu,

21. nezindandatho, namacici ekhala,

22. nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali,* nezinqalathi,

23. nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.

24. Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola,nasesikhundleni sebhande* igoda,nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla,nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka,nasesikhundleni sobuhle isishada.

25. Amadoda akho ayakuwa ngenkembanamaqhawe akho ngokulwa.

U-Isaya 3