12. Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela,nabesifazane bayababusa.O bantu bami,abaniholayo bayanidukisa;bachitha indlela yemikhondo yakho.
13. UJehova usesukumile ukuyokulwa,umi ukuthetha amacala ezizwe.
14. UJehova uyakungena ekwahluleleninamalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi:“Yinina eniqedile isivini,impango yabampofu isezindlini zenu.
15. Nichobozeleni abantu bami,nigaye ubuso babampofu, na?”isho iNkosi uJehova Sebawoti.
16. Wathi futhi uJehova:“Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa,ehamba elula izintamo,eqhikiza amehlo,ehamba ecokama ekuhambeni kwawo,ekhenceza ngezinyawo zawo,
17. ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandlaizinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni,uJehova awanqunise.”
18. Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,
19. neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,
20. nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu,
21. nezindandatho, namacici ekhala,
22. nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali,* nezinqalathi,
23. nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.
24. Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola,nasesikhundleni sebhande* igoda,nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla,nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka,nasesikhundleni sobuhle isishada.
25. Amadoda akho ayakuwa ngenkembanamaqhawe akho ngokulwa.