U-Isaya 3:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawotiiyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo,lonke uzime lwesinkwanalo lonke uzime lwamanzi:

2. amaqhawe namadoda empi,abahluleli nabaprofethi,ababhuli namalunga,

3. izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo,abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,nabanolwazi lokulumba.

4. Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo,nezingane ziyakubabusa.

5. Abantu bayakucindezelana,kube yilowo nalowo,yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;abantwana bayakubhensela abadala,nabadelelekileyo abanodumo.

6. Lapho umuntu eyakubamba umfowaboendlini kayise ethi:“Wena unengubo,yiba ngumbusi wethu,le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”

U-Isaya 3