1. Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawotiiyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo,lonke uzime lwesinkwanalo lonke uzime lwamanzi:
2. amaqhawe namadoda empi,abahluleli nabaprofethi,ababhuli namalunga,
3. izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo,abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,nabanolwazi lokulumba.
4. Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo,nezingane ziyakubabusa.
5. Abantu bayakucindezelana,kube yilowo nalowo,yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;abantwana bayakubhensela abadala,nabadelelekileyo abanodumo.
6. Lapho umuntu eyakubamba umfowaboendlini kayise ethi:“Wena unengubo,yiba ngumbusi wethu,le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”