U-Isaya 29:9-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Zimangaliseni, nimangale;ziphuphuthiseni, niphuphutheke;badakiwe, kepha kungengewayini,bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.

10. Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenuumoya wobuthongo obunzima;uwavalile amehlo enu,usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.

11. Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,”

12. incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angiyazi incwadi.”

13. Yathi iNkosi:“Ngenxa yokuba laba bantu besondela,bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,

14. ngalokho ngiyakubuyengenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo,izimangaliso impela;ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”

15. Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,abamisebenzi yabo isebumnyameni,nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,ngubani osaziyo, na?”

U-Isaya 29