U-Isaya 29:5-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kodwa isixuku sezitha zakhosiyakuba njengebhuqu elicolekileyo,noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo,yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

6. Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama,nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho,nangelangabi lomlilo oqothulayo.

7. Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,*ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo,siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.

8. Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla,kepha evuka usenephango,noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza,kepha evuka uyethile, womile;siyakuba njalo isixuku sezizwe zonkeezisukela intaba yaseSiyoni.

9. Zimangaliseni, nimangale;ziphuphuthiseni, niphuphutheke;badakiwe, kepha kungengewayini,bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.

10. Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenuumoya wobuthongo obunzima;uwavalile amehlo enu,usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.

11. Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,”

12. incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angiyazi incwadi.”

13. Yathi iNkosi:“Ngenxa yokuba laba bantu besondela,bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,

14. ngalokho ngiyakubuyengenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo,izimangaliso impela;ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”

15. Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,abamisebenzi yabo isebumnyameni,nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,ngubani osaziyo, na?”

16. O ukuphendukezela kwenu!Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:“Yena akangenzanga,” na?noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:“Akanakuqonda,” na?

17. Akuseyisikhashana njeiLebanoni lize liphenduke insimu,nensimu ithiwe ihlathi, na?

18. Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,namehlo ezimpumputhe ayakubona,engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.

19. Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.

U-Isaya 29