15. Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,abamisebenzi yabo isebumnyameni,nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,ngubani osaziyo, na?”
16. O ukuphendukezela kwenu!Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:“Yena akangenzanga,” na?noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:“Akanakuqonda,” na?
17. Akuseyisikhashana njeiLebanoni lize liphenduke insimu,nensimu ithiwe ihlathi, na?
18. Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,namehlo ezimpumputhe ayakubona,engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.
19. Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.
20. Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona,nesideleli siyakube singasekho,nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,