U-Isaya 29:13-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Yathi iNkosi:“Ngenxa yokuba laba bantu besondela,bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,

14. ngalokho ngiyakubuyengenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo,izimangaliso impela;ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”

15. Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,abamisebenzi yabo isebumnyameni,nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,ngubani osaziyo, na?”

16. O ukuphendukezela kwenu!Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:“Yena akangenzanga,” na?noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:“Akanakuqonda,” na?

17. Akuseyisikhashana njeiLebanoni lize liphenduke insimu,nensimu ithiwe ihlathi, na?

18. Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,namehlo ezimpumputhe ayakubona,engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.

19. Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.

20. Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona,nesideleli siyakube singasekho,nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,

21. ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,bachezukisa olungileyo ngento engelutho.

U-Isaya 29