1. Wo kuwe Ariyeli,* Ariyeli,umuzi lapho amisa khona uDavide.Yengezelani umnyaka emnyakeni,imikhosi iyingilize,
2. ngize ngilicindezele i-Ariyeli,*kube khona ukukhala nokububula,libe njenge-Ariyeli kimi.
3. Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho,ngikuvimbezele ngezinqaba,ngikumisele izindonga.
4. Uyakubhidlizelwa phansi,ukhulume usemhlabathini;ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi,kuphume othulini,izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini,ukukhuluma kwakho kubethe imilozi othulini.
5. Kodwa isixuku sezitha zakhosiyakuba njengebhuqu elicolekileyo,noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo,yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
6. Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama,nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho,nangelangabi lomlilo oqothulayo.
7. Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,*ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo,siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.
8. Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla,kepha evuka usenephango,noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza,kepha evuka uyethile, womile;siyakuba njalo isixuku sezizwe zonkeezisukela intaba yaseSiyoni.