7. Indlela yabalungileyo iqondile,umkhondo wabaqotho ulungile,uyawenza ukuba ulingane.
8. Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,sikuhlalele.Umphefumulo uyalangazelelaigama lakho nesikhumbuzo sakho.
9. Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
10. Uma omubi ephiwa umusa,akafundi ukulunga;ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala,angaboni ukuphakama kukaJehova.
11. Jehova, isandla sakho siphakeme,kepha kababoni;kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu,babe namahloni;yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
12. Jehova, uyakusimisela ukuthula;ngokuba nayo yonke imisebenzi yethusenzelwe yona nguwe.
13. Jehova Nkulunkulu wethu,amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile,kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.
14. Abafileyo ababuyi baphile,izithunzi azibuyi zivuke;ngalokho wabahambela, wabachitha,wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.
15. Wandisa isizwe, Jehova,wandisa isizwe, wadunyiswa,wavula yonke imikhawulo yezwe.
16. Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela,bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.
17. Njengokhulelweyo osondelaukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu,saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.
18. Sasikhulelwe, sasinobuhlungu,sabeletha kungathi umoya nje;asenzanga insindiso emhlabeni,nabayakwakha ezweni abasazalwa.
19. Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile,izidumbu zabo zivuke.Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini,ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya,nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.
20. Wozani, bantu bami,ningene emakamelweni enu,nizivalele iminyango,nicashe ngokuphazima kweso,kuze kudlule ulaka.
21. Ngokuba bhekani,uJehova uyaphuma endaweni yakheukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni;umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo,ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.