U-Isaya 26:4-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Thembani kuJehova kuze kube phakade,ngokuba uJehova,yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.

5. Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu,umuzi ophakemeyo;uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini,awusondeze nasothulini.

6. Unyawo luyakuwunyathela phansi,izinyawo zabaswelayo,izinyathelo zabampofu.

7. Indlela yabalungileyo iqondile,umkhondo wabaqotho ulungile,uyawenza ukuba ulingane.

8. Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,sikuhlalele.Umphefumulo uyalangazelelaigama lakho nesikhumbuzo sakho.

9. Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.

10. Uma omubi ephiwa umusa,akafundi ukulunga;ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala,angaboni ukuphakama kukaJehova.

11. Jehova, isandla sakho siphakeme,kepha kababoni;kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu,babe namahloni;yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.

12. Jehova, uyakusimisela ukuthula;ngokuba nayo yonke imisebenzi yethusenzelwe yona nguwe.

13. Jehova Nkulunkulu wethu,amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile,kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.

U-Isaya 26