U-Isaya 25:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu,inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo,isiphephelo esivunguvungwini,umthunzi ekubaleleni,ngokuba umoya waba nonya,unjengesivunguvungu odongeni,

5. nanjengokushisa endaweni eyomileyo.Uyathobisa umsindo wabafokazi;njengokubalela ngomthunzi wefu,kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.

6. UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonkeidili lokukhulupheleyo kule ntaba,idili lewayini elinenhlese,okukhulupheleyo okunomnkantsha,iwayini elinenhlese elicwengekileyo.

7. Uyakuchitha kule ntaba ingaphandlelesimbozo esimboza abantu bonke,nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.

8. Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade;iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke,isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke,ngokuba uJehova ukhulumile.

U-Isaya 25