U-Isaya 25:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,ngidumise igama lakho,ngokuba wenzile izimangaliso,namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.

2. Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba,nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo;indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi,ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.

3. Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa,imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.

U-Isaya 25