U-Isaya 24:7-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.

8. Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.

9. Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.

10. Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.

11. Kukhalwa ngewayini ezitaladini;yonke intokozo inyamalele;injabulo yezwe idlulile.

12. Emzini kusele incithakalo;isango livithiziwe, lachithwa.

13. Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu,njengokushaywa kweminqumonanjengokukhothoza,lapho sekuvuniwe.

14. Laba bayaphakamisa izwi labo, bamemeze;bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.

15. Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga,nasogwini lolwandleigama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

16. Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi:“Udumo malube koLungileyo!”Kepha mina ngithi: “Ngifile, ngifile!Maye kimi!”Abakhohlisi bakhohlisile,yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.

17. Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwakhowena owakhileyo emhlabeni.

U-Isaya 24