7. Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
8. Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
9. Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10. Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.
11. Kukhalwa ngewayini ezitaladini;yonke intokozo inyamalele;injabulo yezwe idlulile.
12. Emzini kusele incithakalo;isango livithiziwe, lachithwa.
13. Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu,njengokushaywa kweminqumonanjengokukhothoza,lapho sekuvuniwe.