4. Umhlaba uyalila, ubune;izwe liyaphela amandla, linyamalale,abaphakemeyo bomhlaba badangale.
5. Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo,ngokuba beqile imithetho,badlulile ezimisweni,baphulile isivumelwano esiphakade.
6. Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,nabakhileyo kuwo batholiswa icala;ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,kusale abantu abayingcosana nje.
7. Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
8. Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
9. Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10. Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.
11. Kukhalwa ngewayini ezitaladini;yonke intokozo inyamalele;injabulo yezwe idlulile.
12. Emzini kusele incithakalo;isango livithiziwe, lachithwa.
13. Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu,njengokushaywa kweminqumonanjengokukhothoza,lapho sekuvuniwe.
14. Laba bayaphakamisa izwi labo, bamemeze;bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.
15. Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga,nasogwini lolwandleigama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
16. Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi:“Udumo malube koLungileyo!”Kepha mina ngithi: “Ngifile, ngifile!Maye kimi!”Abakhohlisi bakhohlisile,yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.