U-Isaya 24:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi,nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo,nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo,nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi,nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo,nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.

3. Umhlaba uyakuba yize leze,uphangwe nokuphangwa,ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.

4. Umhlaba uyalila, ubune;izwe liyaphela amandla, linyamalale,abaphakemeyo bomhlaba badangale.

5. Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo,ngokuba beqile imithetho,badlulile ezimisweni,baphulile isivumelwano esiphakade.

6. Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,nabakhileyo kuwo batholiswa icala;ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,kusale abantu abayingcosana nje.

7. Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.

8. Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.

9. Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.

U-Isaya 24