U-Isaya 24:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe,agumbuqele ubuso bawo,ahlakaze abakhileyo kuwo.

2. Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi,nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo,nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo,nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi,nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo,nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.

3. Umhlaba uyakuba yize leze,uphangwe nokuphangwa,ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.

4. Umhlaba uyalila, ubune;izwe liyaphela amandla, linyamalale,abaphakemeyo bomhlaba badangale.

5. Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo,ngokuba beqile imithetho,badlulile ezimisweni,baphulile isivumelwano esiphakade.

6. Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,nabakhileyo kuwo batholiswa icala;ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,kusale abantu abayingcosana nje.

7. Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.

8. Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.

9. Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.

10. Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.

11. Kukhalwa ngewayini ezitaladini;yonke intokozo inyamalele;injabulo yezwe idlulile.

12. Emzini kusele incithakalo;isango livithiziwe, lachithwa.

13. Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu,njengokushaywa kweminqumonanjengokukhothoza,lapho sekuvuniwe.

14. Laba bayaphakamisa izwi labo, bamemeze;bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.

15. Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga,nasogwini lolwandleigama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

16. Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi:“Udumo malube koLungileyo!”Kepha mina ngithi: “Ngifile, ngifile!Maye kimi!”Abakhohlisi bakhohlisile,yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.

17. Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwakhowena owakhileyo emhlabeni.

U-Isaya 24