U-Isaya 23:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho ngeTire.Klewulani nina,Mikhumbi yaseTharishishi,ngokuba lichithekile;indlu ayisekho,nokungena akusenakwenzeka;kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.

2. Thulani nina enakhileyo ngasogwini,nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisilebedabula elwandle.

3. Emanzini amaningi imbewu yaseSihorinokuvuna kweNayilekwakuyinzuzo yalo;laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.

4. Yiba namahloni wena Sidoni,ngokuba lukhulumile ulwandle,inqaba yolwandle, ngokuthi:“Angibanga namihelo, angizalanga,angikhulisanga izinsizwa,angondlanga izintombi.”

5. Lapho kubikwa eGibithe,bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.

6. Welani niye eTharishishi;klewulani nina enakhileyo ngasogwini.

7. Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo,ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo,owayiswa kude yizinyawo zawoukuba uhlale khona, na?

U-Isaya 23