U-Isaya 23:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho ngeTire.Klewulani nina,Mikhumbi yaseTharishishi,ngokuba lichithekile;indlu ayisekho,nokungena akusenakwenzeka;kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.

2. Thulani nina enakhileyo ngasogwini,nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisilebedabula elwandle.

3. Emanzini amaningi imbewu yaseSihorinokuvuna kweNayilekwakuyinzuzo yalo;laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.

4. Yiba namahloni wena Sidoni,ngokuba lukhulumile ulwandle,inqaba yolwandle, ngokuthi:“Angibanga namihelo, angizalanga,angikhulisanga izinsizwa,angondlanga izintombi.”

5. Lapho kubikwa eGibithe,bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.

6. Welani niye eTharishishi;klewulani nina enakhileyo ngasogwini.

7. Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo,ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo,owayiswa kude yizinyawo zawoukuba uhlale khona, na?

8. Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo,elibathengi balo bayizikhulu,nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?

9. NguJehova Sebawoti okucebileyoukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi,badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.

10. Dabula izwe lakho njengeNayile,ndodakazi yaseTharishishi;akusekho bhande.*

11. Welulile isandla sakhe phezu kolwandle,wazamazamisa imibuso;uJehova uyalezile ngeKhananiukuba kuchithwe izinqaba zalo.

U-Isaya 23