7. Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyozagcwala izinqola,nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.
8. Wasisusa isimbozo kwaJuda;wena wabheka ngalolo sukuizikhali zasendlini yehlathi.
9. Nabona imifantu emzini kaDavideukuthi yayiminingi,nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.
10. Nazibala izindlu zaseJerusalema,nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.
11. Futhi nenzela amanzi echibi elidalaumgodi phakathi kwezingange zombili,kepha anibhekanga kumenzi walokho,animnakanga okade wakunquma.
12. Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawotiyabizela ukukhala, nokulila,nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,
13. kepha bheka,nakhu ukujabula, nokuthokoza,nokubulala izinkabi,nokuhlaba izimvu,ukudla inyama nokuphuza iwayini,ngokuthi: “Masidle, siphuze,ngokuba ngomuso sizakufa.”
14. Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
15. Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:
16. ‘Wenzani lapha,futhi unobani laphaukuba uziqophele lapha ithuna na?Uziqophela ithuna lakhe phezulu,uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’
17. “Bheka, uJehova uyakukulahlanjengalokhu umuntu elahla,abambe nokubamba.
18. Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo,akulahle njengegabade ezweni elibanzi.Uyakufela khona,lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakhowena hlazo lendlu yenkosi yakho.
19. Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho,ngikuwise endaweni yakho.
20. “Kuyakuthi ngalolo suku ngiyibize inceku yami u-Eliyakimi indodana kaHilikiya;
21. ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande* lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.