U-Isaya 22:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. wena muzi ogcwele ukumemeza,oxokozelayo,muzi othokozayo, na?Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,kabafelanga empini.

3. Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye,zaboshwa ngaphandle kweminsalo;zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye,noma zazibalekele kude.

4. Ngalokho ngathi:“Ningangibheki,ngiyakukhala ngomunyu;ningazami ukungiduduzangenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”

5. Ngokuba kulusuku lokukhathazeka,nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka,oluvela eNkosini uJehova SebawotiesiGodini Sombonokanye nokudilizwa kwezingangenokumemeza ezintabeni.

6. I-Elamu lathwala isambophakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi,neKhiri lambula isihlangu.

7. Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyozagcwala izinqola,nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.

8. Wasisusa isimbozo kwaJuda;wena wabheka ngalolo sukuizikhali zasendlini yehlathi.

9. Nabona imifantu emzini kaDavideukuthi yayiminingi,nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.

U-Isaya 22