U-Isaya 22:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. ‘Wenzani lapha,futhi unobani laphaukuba uziqophele lapha ithuna na?Uziqophela ithuna lakhe phezulu,uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’

17. “Bheka, uJehova uyakukulahlanjengalokhu umuntu elahla,abambe nokubamba.

18. Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo,akulahle njengegabade ezweni elibanzi.Uyakufela khona,lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakhowena hlazo lendlu yenkosi yakho.

19. Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho,ngikuwise endaweni yakho.

20. “Kuyakuthi ngalolo suku ngiyibize inceku yami u-Eliyakimi indodana kaHilikiya;

21. ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande* lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.

22. Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.

23. Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.

24. Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.

25. “Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.

U-Isaya 22