U-Isaya 22:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho ngesiGodi Sombono.Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonkeophahleni lwezindlu

2. wena muzi ogcwele ukumemeza,oxokozelayo,muzi othokozayo, na?Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,kabafelanga empini.

3. Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye,zaboshwa ngaphandle kweminsalo;zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye,noma zazibalekele kude.

4. Ngalokho ngathi:“Ningangibheki,ngiyakukhala ngomunyu;ningazami ukungiduduzangenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”

5. Ngokuba kulusuku lokukhathazeka,nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka,oluvela eNkosini uJehova SebawotiesiGodini Sombonokanye nokudilizwa kwezingangenokumemeza ezintabeni.

6. I-Elamu lathwala isambophakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi,neKhiri lambula isihlangu.

7. Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyozagcwala izinqola,nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.

8. Wasisusa isimbozo kwaJuda;wena wabheka ngalolo sukuizikhali zasendlini yehlathi.

9. Nabona imifantu emzini kaDavideukuthi yayiminingi,nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.

U-Isaya 22