U-Isaya 21:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi:“Hamba umise umlindiozakubika akubonayo.

7. Lapho ebona abamahhashi,amahhashi amabili ngamabili,nezinkweli zezimbongolo,nezinkweli zamakamela,uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”

8. Obonayo wayesememeza, wathi:“Nkosi yami,ngimi njalo emini embhoshongweni wami,ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.

9. Bheka, kuyeza isigaba samadoda,amahhashi amabili ngamabili.Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele,nazo zonke izithombe ezibaziweyozawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”

10. Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami,engikuzwileyo kuJehova Sebawoti,uNkulunkulu ka-Israyeli,khona ngiyanazisa.

11. Isiprofetho ngeDuma.Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi:“Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”

12. Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa,kepha kuse sebusuku.Uma nithanda ukubuza, buzani;buyani nize.”

13. Isiprofetho nge-Arabiya.Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiyanina mahele aseDedanimi.

14. Owomileyo bamlethela amanziabakhileyo ezweni laseThema,bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.

15. Ngokuba babalekela izinkemba,izinkemba ezihoshiweyo,neminsalo ensaliweyo,nobunzima bempi.

16. Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,

17. nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.

U-Isaya 21