U-Isaya 21:3-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo;inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo;ngikhonkobele ukuba ngingezwa,ngiphele amandla ukuba ngingaboni.

4. Ngadukelwa yingqondo,ngashaywa luvalo;ukuhwelela engakulangazelelakwaphenduka ukuthuthumela kimi.

5. Ngukulungisa itafula yini?Ngukwendlala izindwangu,ukudla nokuphuza, na?Hhayi, sukumani, zikhulu,nicobe izihlangu.

6. Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi:“Hamba umise umlindiozakubika akubonayo.

7. Lapho ebona abamahhashi,amahhashi amabili ngamabili,nezinkweli zezimbongolo,nezinkweli zamakamela,uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”

8. Obonayo wayesememeza, wathi:“Nkosi yami,ngimi njalo emini embhoshongweni wami,ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.

9. Bheka, kuyeza isigaba samadoda,amahhashi amabili ngamabili.Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele,nazo zonke izithombe ezibaziweyozawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”

10. Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami,engikuzwileyo kuJehova Sebawoti,uNkulunkulu ka-Israyeli,khona ngiyanazisa.

11. Isiprofetho ngeDuma.Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi:“Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”

12. Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa,kepha kuse sebusuku.Uma nithanda ukubuza, buzani;buyani nize.”

13. Isiprofetho nge-Arabiya.Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiyanina mahele aseDedanimi.

U-Isaya 21